Kile Mvakades Bakery

Kile Mvakades Bakery page about baking and social life

29/01/2026

Kuxwayiswa ngeqembu lemigulukudu elibizwa ngama-Door Kicker

KUKHALWA ngeqembu lemigulukudu elihlome ngezibhamu eseliqanjwe igama elithi, “AmaDoor Kicker” elihlalise lubhojozi umphakathi waKwaNdengezi namaphethelo entshonalanga yeTheku elingena umuzi nomuzi lisebenzisa imifaniswano yamaphoyisa ngezikhathi zasebusuku.

Ngokusho kukaCaptain BM Ngcobo wasesiteshini samaphoyisa eSAPS KwaNdengezi esitatimendeni esithunyelwe leli phephandaba uConstable MP Mncwabe wezokuxhumana kulesi sitesi samaphoyisa, lemigulukudu ihlasela umphakathi ngezikhathi zasebusuku kusukela ngo-8, 8:30, futhi isuke ifake izigqoko ezimboza ubuso ukuze kungabi luka ukuyibona ukuthi ingobani, sekuvulwe namacala angu-12.

“Sithanda ukwexwayisa umphakathi ikakhulukazi endaweni yaKwaZwelibomvu, eCoffie Farm, elokishini KwaNdengezi, eDassenhoek, eZwelibomvu, eTafelkop, eNteke, eBukhoseleni, eSigumbukuqwini, eMangangeni naseMasomini ukuthi kukhona laba basolwa abathathu abangenela umphakathi ezindlini,”kusho uCaptain Ngcobo.

“Lokhu bakwenza kusukela ngo 8, 8.30 ebusuku bafike babakhombe abantu befake izigqoko ezimboza ubuso, abanye osekuvela manje sebefaka umfaniswano wamaphoyisa eSAPS neyamaphoyisa kaMasipala weTheku, kodwa uba yeda umuntu osuke eseyifakile lapho. Bafike bazibize ngokuthi bangamaphoyisa, bakhahlele izicabha futhi sebebizwa ngokuthi ama-Door Kicker. Bangena ngaphakathi bakhombe base befuna impahla yasendlini ehlanganisa imisakazo namathelevishini bakuthathe bahambe nakho,”usho kanje.

Uthe lezi zinswelaboya zibuye zivulise umphakathi amaselula bangene kwi-App yakho, bathi banikeze inombolo yakho eyimfihlo yasebhange (Pin Code), ba-transfere imali bayenze u-Cash Send ukuze bangabonakali ukuthi bawobani. Uma usukwenzile lokho baya kushiya noyedwa okugadile ngesikhathi besayoyikhipha, uma bebuya sebeqedile baye baht usungaqhubeka ulule ungababheki.

“Siyabaxwayisa abantu ukuthi abahlale bevalile ngaso sonke isikhathi, uma nje kuke kwashaya u-8 ebusuku bavale, kube nenombolo yamaphoyisa isikhathi esiningi uma kuwukuthi uhlaselwe yileso simo leso ufonele esiteshini samaphoyisa eSAPS, KwaNdengezi. Inombolo u-079 500 0321 noma eyomphathi wabaseshi ethi, 079 696 3487.

Sicela umphakathi wakulezi zindawo uqwashe ngoba njengamanje sesinamacala awu-12 asenzekile okukhombisa ukuthi izinyawo zamaphoyisa azifinyeleli kuwo wonke umuntu ngoba uNdengezi mkhulu, kanti sinemoto eyodwa okuyiyona ezulazulayo iqapha isimo. Siyacela ukuthi umphakathi uxwaye laba bantu ngoba ngo-8 nje uvale uma unama-bugglar guards ugcine lezi zinombolo esezibaleli, kuphetha uCaptain Ngcobo.


27/01/2026
18/01/2026

Address

282 Savanna Park
Durban
3600

Telephone

+27609546148

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Kile Mvakades Bakery posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share

Category